Kushone 9 eSolomons Island

2013-02-07 10:02
Yabelani Shicilela

Sydney - Abasebenza ngokutakula bathwale kanzima bezama ukufinyelela ezindaweni ezingaphandle nezikhahlanyezwe ukuhlasela kwe-tsunami eSolomon Islands ngoLwesine, njengoba linyuka izinga labashonile.

Sekutholakale izidumbu eziyisishiyagalolunye, okubalwa nesengane, kulandela ukuhlasela kokuzamazama komhlaba okuvuse itsunami eSanta Cruz Island, ngoLwesitahthu.

Kucekeleke phansi imizi ebalelwa ku-100 ezigodini ezinhlanu.

Izikhukhula lezi zibe sezibulala abantu abadala abayisihlanu nengane eyodwa, kusho uGeorge Herming, nokhulumela uNdunankulu.

Ezinye izidumbu ezintathu zitholakale ngoLwesine, njengoba kusatshelwa ukuthi isibalo singase siqhubeke nokukhula.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...