Kushone 8 wezingane ePalastine
2012-02-16 16:24
Jerusalem - Cishe kushone izingane ezingu-8 zasePalestine ngoLwesine ngesikhathi iloli lishayisa ibhasi lezingane zesikole engwaqeni oseWest Bank, kusho amaphoyisa akwaIsraeli.
"Kushone cishe izingane eziphakathi kuka-10 no-16, kwalimala ezingaphezulu kuka-30 eziphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene zaseRamallah naseMt Scopus," kusho isikhulumi samaphoyisa uLuba Samri kwabe-AFP.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwaIsrael uthe isibalo sabalimele sicishe sifinyelele ku-40, uthe abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela zakwaIsrael nasedolobheni laseWest Bank iRamallah.
Lengozi yenzeke emgwaqeni omatasa kakhulu ngaseJerusalem, ngesikhathi iloli lingena ebhasini lezingane zesikole sasePalestine.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP