Kushone 8 kuqhuma ibhomu e-Afghan

2012-07-19 14:05
Yabelani Shicilela

Kabul - Izakhamuzi eziyisishiyagalombili zase-Afghanistan zibulawe esehlakalweni sokuqhuma kwebhomu nesenziwe abeTaliban enyakatho yezwe ngoLweisne.

Kanti kuphinde kwashona amasosha amabili eNATO esehlakalweni esifuze lesi kwenye indawo kuleli lizwe elikhungethwe yizinkinga, kusho izikhulu.

Izakhamuzi zibulawe enyakatho yesifandazwe saseFaryab ngesikhathi imoto ebezihamba ngayo ishayisa ibhomu yokuzakhela esetshenziswa yiTaliban ekuhlaseleni okuqondiswe emasosheni.

“Kushone izakhamuzi eziyisishiyagalombili okuhlanganisa owesifazane nengane kwathi abayisithupha balimala,” kusho oyisikhulu esiphezulu samaphoyisa esifundazweni u-Abdul Khaliq Aqsai utshele abe-AFP.

Uqhube ngokuthi izimoto zamaphoyisa bezidlula ngesikhathi kuqhuma ibhomu.

UJawed Badar, oyisikhulumi sezokuphathwa kwesifundazwe, uthe izakhamuzi bezilibhekise enhlokodolobha yesifundazwe okuyiRamadan, njengoba sekuzoqala isikhathi sokuzila kwamaMuslim ezinsukwini ezizayo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 12 eqhweni eNepal

2014-04-18 14:03
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...