Kushone 8 kugujwa uDiwali eNdiya

2012-11-13 12:01

New Delhi - Ukuqhuma nokuqubuka komlilo okwenzeke endlini esenyakatho neNdiya kubulale abantu abayisishiyagalombili, kuhlanganisa abayisithupha bomndeni owodwa ngesikhathi kuqhunyiswa amakhilikithi kugujwa uDiwali, kubike abezindaba.

Lesi sigameko senzeke edolobheni iYaqoobpur esifundeni sasePradesh, kusho iPress Trust of India News Agency, icaphuna iphini lesikhulu u-Ashok Kumar Singh.

Kuzwakale ukuqhuma okukhulu ngemuva kokuba amakhilikithi, ebambe umlilo, kwashona abayisishagalombili khona lapho kwalimala abayishumi nambili, kuqhuba umbiko.

khilikithi wenziwa ngokungemthetho njengoba kuza uDiwali, okungumcimbi wokukhanya lapho amaNdiya ewubungaza khona ngokuqhumisa wona.

NgoSepthemba ifemu enkulu eningizimu yeNdiya eyenza ukhilikithi yasha kwafa abantu abangu-38.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...