Kushone 8 engozini yemayini ePakistan
2013-01-28 12:03
Quetta - Ukuqhuma kwegesi kubulale abantu abayisihiyagalombili emayini yamalahle ePakistan eningizimu ntshonalanga nezwe, kusho izikhulu.
Le ngozi yenzeke esifundeni iLoralai, esifundazweni iBaluchistan, nesicebe kakhulu ngegesi, uwoyela nezimbiwa phansi.
"Lokhu kuqhuma kudalwe yi-methane. Kushone abasebenzi abayisishiyagalombili kwathi ababili bayiswa esibhedlela ngemuva kokutakulwa," kusho uMohammad Iftikhar, noyinhloko yezokuhlolwa kwezimayini esifundazweni.
Utshele i-AFP ukuthi le ngozi yenzeke ngesikhathi abavukuzi abangu-200 besemathunjini omhlaba.
NgoMashi 2011, kwashona okungenani abavukuzi abangu-43 ngesikhathi ukuqhuma kuwisa imayini yamalahle eBaluchistan.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP