Kushone 8 emayini e-Iran
2012-12-19 12:16
Tehran - Kushone abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi kuwa ingxenye yemayini yamalahle e-Iran, kubika i-IRNA News Agency kucashunwa isikhulu esithe leli nani linyukile lisuka ebantwini abane.
"Sithole izidumbu ezinhlanu ebusuku ngoLwesibili, ezintathu zakhishwa ngoLwesithathu," kusho u-Ahmad Talebian Moqadam,
nongumholi waseTabas lapho kwenzeke khona le nhlekelele ngoLwesibili ekuseni.
UTalebian Moqadam uthe lokhu kwenzeke ngesikhathi "umhhume wemayini uwa nokudale ukuthi kube negesi engadingeki ngaphakathi".
ITabas iqhelelene neTehran ngamakhilomitha angu-555.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP