Kushone 6 wamaHindu eNdiya
2011-11-08 16:20
Lucknow - Isikhulu sithi kushone abantu abayisithupha benkolo yamaHindu kulandela ukugxobana ngezinyawo okube khona ngesikhathi kuqhubeka umgubho wenkolo yawo eGanges enyakatho neNdiya.
U-Amit Chandola, okuhulumela uhulumeni, uthi kulimale abanye abangu-50 kulesi sigameko sangoLwesibili eHaridwar, nokuyithempeli lasedolobheni i-Uttar Pradesh ngaseHimalayas.
Bekubuthelene izinkulungwane zabantu kulo mfula ukuzokhuleka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Sapa - AP