Kushone 6 kuqubuka umlilo eMumbai
2013-01-25 12:01
Mumbai - Kushone abantu abayisithupha ngesikhathi umlilo uthungela imijondolo esenkabeni yeMumbai ngoLwesihlanu kwasala abantu ababalelwa ngaphezu kwekhulu bengenamakhaya, kusho abezimo eziphuthumayo.
Kuphuthume izimoto ezingu-12 zezicishamlilo kule ndawo yaseNayanagar eminyene ngesikhathi kuqubuka lo mlilo emini, kusho abezicishamlilo eMumbai.
"Kushone abantu abayisithupha kwalimala abathathu," kusho ongumsizi wesikhulu sesikhungo u-Ishwar Kamble etshela abe-AFP.
Kucekeleke phansi imijondolo ebalelwa ku-150 kanti imbangela yomlilo ibingakacaci.
Lo mlilo uphinde wacekela phansi izimoto.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP