Kushone 6 kuphahlazeka indiza eNdiya
2012-08-30 14:08
New Delhi - Kushone okungenani amalungu ayisithupha ombutho wezempi emoyeni eNdiya ngesikhathi kuphahlazeka izindiza ezincane ezimbili esifundeni iGijarat, kusho izikhulu.
Izindiza zohlobo lweMi-17 ezakhiwe eRussia bezithwele amalungu abeqeqeshwa ngesikhathi zivelelwa yingozi.
"Kushone amalungu ayisithupha kwathi amathathu ayiswa esibhedlela elimele kanzima," kusho isekela lenhloko yamaphoyisa eJamnagar, uGR
Gadvi.
"Lingase likhule inani labashonile njengoba kungenzeka ukuthi kunezinye izidumbu ezingase zitholakale," esho.
Kuyaphenywa ngalesi sehlakalo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA