Kushone 50 engozini e-Afghanistan
2012-09-14 11:01
Ghazni - Ibhasi ebelithwele abantu litholane phezulu neloli likawoyela e-Afghanistan, kwashona abantu abangu-50 kwathi abanye balimala, kusho izikhulu.
Le ngozi yehle esifundeni i-Ab Band, esifundazweni iGhazni, emgwaqeni omkhulu osuka eKabul uya eKandahar, nongomunye wemigwaqo eyingozi kuleliya lizwe.
Akusheshanga kwacaca ukuthi leli loli bekungelayiphi inkampani.
Phakathi kwabashonile nabalimele kubalwa nabesifane nezingane.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP