Kushone 5 kuqhuma ibhomu

2012-07-26 10:06
Yabelani Shicilela

Khar - Kuqhume ibhomu emakethe ematasa kakhulu yasePakistan ngoLwesine, kwafa cishe abantu abayisihlanu kwalimala abangu-11 ngasemgceleni wase-Afghanistan, kusho izikhulu.

Ibhomu iqhume  ePasht bazaar of Salarzai esifundeni iBajaur, okungezinye zezindawo okuliwa kakhulu kuzona phakathi kwabasePakistan nabeTaliban.

"Babalelwa kwabayisihlanu abantu ababulewe kube abangu-11 abalimele,” kusho isikhulu sikahulumeni wendawo uTariq Khan kwabe-AFP.

Akekho osephumele obala ngokudala lesi sigameko, kodwa abeTaliban sebehlasele amaSalarzai izikhathi eziningi ngoba besebenzisana nohulumeni.

Ngokusho kwabe-AFP, babalelwa ku-5 000 abantu asebebulewe kulokhu kuhlasela okufuze lokhu ezweni lonke kusukela ngo-2007.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...