Kushone 5 kuhlaselwa e-Iraq

2013-01-22 14:06
Yabelani Shicilela

Baghdad - Imoto ebinebhomu iqhume yabulala cishe abantu abahlanu eningizimu yeBaghdad ngoLwesibili, kusho izikhulu.

Ukuqhuma okwenzeke ngo-10:30 ngasendaweni yamasosha ase-Iraq eMahmudiyah, okuyindawo engamakhilomitha angu-30 ukusuka enhlokodolobha, kushiye cishe kulimele abangu-14, ngokusho kwesikhulu sehhovisi lezangaphakathi kanye nesikhulu sasesibhedlela.

Phakathi kwezisulu bekukhona nesosha elilodwa elibulewe nelilodwa elithole ukulimala, kusho izikhulu.

Zombili izikhulu azifunanga ukudalulwa amagama azo.

IMahmudiyah imaphakathi nesifunda esixubile esaziwa ngokuthi i"Triangle of Death" ngenxa yezigameko zokuhlasela zangonyaka ka-2003, ngesikhathi kuhlasela iMelika.

Alikho iqembu elisazimatanise nalokhu kuhlasela, kodwa amashosha eSunni ajwayele ukuhlasela ngenhloso yokususa umsindo.

Ukuhlasela kwangoLwesibili kuze ngemuva kwezinsuku ezine kusanokuthula e-Iraq kulandela izigameko eziningi zokuhlasela ezenziwa yiqembu le-al-Qaeda kusukela ngoJanuwari 15-17 ezashiya kushone cishe abantu abantu-88, ngokusho kwezibalo ze-AFP.


 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...