Kushone 5 kubhikishwa e-Iraq
2013-01-25 14:03
Baghdad - Kushone ababhikishi abayishlanu ngesikhathi kunokuhilizisana phakathi kwamasosha nabo enkabeni ye-Iraq, kusho abazibonele, njengoba kuqhubeka imibhikisho yedlanzana yamaSunni Muslim
iphikisana nohulumeni oholwa ngamaShiite.
Ababhikishi edolobheni iFalluja, bajikijele amasosha ngamatshe nabe eseziphindiselela ngokudubula, kwashona abantu abayisihlanu kwathi abangu-20 balimala.
Amasosha abezama ukuvimbela ababhikishi ukuba bafinyelele edolobheni, lapho bekubanjelwe khona irali.
AmaSunni amelene noNdunankulu wamaShiite uNuri al-Maliki, besola uhulumeni ngokukhipha inyumbazane abaholi abangamaSunni.
Ababhikishi bafuna u-al-Maliki achibiyele imithetho emelene nobushokobezi nokunye okuningi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA