Kushone 4 kuba nokuqhuma ePakistan
2013-02-14 12:02
Islamdab - Ukuqhuma kwebhomu okwenzeke eceleni komgwaqo kudlule nemiphefumulo yabantu abane enhla nentshonalanga yePakistan, kusho izikhulu ngoLwesine.
Kwesinye isehlakalo kushone abeTaliban ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa.
Ukuqhuma kuchaphazele ibhasi endaweni yaseHasanzai, esifundeni i-Orakzai, kusho isikhulu uMahmood Aslam.
Abantu abayisishiyagalolunye bathole ukulimala, ibhasi leli belilibangise eFerozkhel, okuyindawo egcwele abantu abaphikisana ne-Taliban.
Ngesonto eledlule, kube nokuqhuma emakethe e-Orakzai, edolobheni iKalaya, kwashona abantu abangu-14.
Abantu abahlanu abakwiTaliban, bazame ukugasela esiteshini samaphoyia ngasesifundeni iBannu, kodwa badutshulwa babulawa ngamaphoyisa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa-DPA