Kushone 35 kuhlaselwa e-Iraq
2013-02-08 16:10
Baghdad -Amadelakufa abehamba ngezimoto aziqhumise ngamabhomu ashona kanye bananye abangu-35, ezehlakalweni ezenzeke ezindaweni zabenkolo yamaSulumane, e-Iraq, kusho amaphoyisa.
Esehlakalweni sokuqala umuntu obehamba ngemoto uziqhumise ngebhomu kwashona abantu abangu-19 kwalimala abanye abangu- 42, kwathi kwesesibili kwashona abantu abangu-13 kwalimala abangu-53.
Lezi zehlekalo kuthiwa ziqhutshwa ngabeqembu lamaSulumane iSunni, elihlela ukuchitha umbuso kaNdunankulu uNuri al-Maliki.
Ngasekuqaleni kwenyanga iqembu elidlelana ne Al-Qaeda, latshela abeSunni ukuthi akubuyiswe "uzinzo nesithunzi sezwe".
Umholi weShiite uMoqtada al-Sadr ukhulume wathi angeke basatshiswe yi Al-Qaeda.
"Angeke siyiyeke imibhikisho eqhubeka e-Anbar nakwezinye izindawo ezibuswa ngamaphekula," kusho u-al-Sadr.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).