Kushone 34 kuhlaselwa eSyria
2013-01-14 12:07
Damascus - Izishoshovu zaseSyria zithi ukuhlasela kukahulumeni eDamascus sekubulale cishe abantu abangu-34, kuhlanganisa izingane eziyisikhombisa.
Izingqapheli zamalungelo abantu zithe ngoMsombuluko kushone abantu abangu-19, kuhlanganisa izingane eziyisikhombisa, bebulawa amabhanoyi ezempi kahulumeni esifundeni saseGhouta ngeSonto.
Abanye abalimalile abakwamanye amadolobha nezigodi ezingaphandle kwenhlokodolobha.
Izingqapheli zithe isehlakalo sokubhomba sangeSonto singesinye sezinkulu ukwenzeka eSyria selokhu kwaqala izinxushunxushu ezinyangeni ezingu-22 ezedlule.
Zithe kubulawe amavukelambuso ayishumi kulokhu kuhlasela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP