Kushone 31 kuhlaselwa eGaza
2012-11-19 07:17
Jerusalem - Ukuhlasela emoyeni kuka-Israel kubulale okungenani abantu abangu-31, okubalwa nezingane, eGaza, kusho izikhulu zezempilo, nobekubhekiswe kumavukelambuso.
Ingcindezi evela emazweni omhlaba ukuthi la mazwe athelelane amanzi ibukeka ingatheli zithelo njengoba iPalestine ihlasele ngohide lwezikhali zasemoyeni kwa-Isreal, nawo obe usuziphindiselela.
UMengameli waseMelika uBarack Obama uthe yize u-Israel unelungelo lokuzivikela, kodwa bekungakuhle ukugwema iGaza Strip ngenxa yokuthi incane kanti inabantu abaningi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters