Kushone 3 kwalimala inqwaba e-Afghan
2012-11-23 16:25
Ghazni - Umuntu oziqhumise ngebhomu esemotweni ubulale abantu abathathu kwalimala abanye abalinganiselwa ku-90, ngesikhathi kuhlaselwa enkambini yamasosha eNato, iTaliban isiphumele obala yathi yiyo ehlaselile iziphindiselela.
Amasosha eNato athole ukulimala, kusho okhulumela i-International Security Assistance Force (ISAF).
Iphoyisa elibonile kwenzeka lesi sehlakalo lithe ukuqhuma kwenzeke phakathi kwamahhovisi amasosha ase-Afghan nabeNato, lokhu kwenzeke eMaidan Shar, enhlokodolobha yesifundazwe iWardak.
Le ndawo ibuqamama ngo-50 kilometres neKabul.
"Sibulale abantu abathathu abahlanganisa nentombazanyana eneminyaka engu-10 ubudala, Kulimale abanye abangu-90, amadoda angu-75 nabesifazane abangu-11," kusho isitatimende seTaliban.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).