Kushone 3 kuqhuma imayini eMexico
2011-05-04 07:36
San Juan de Sabinas - Sibukeka singathembisi isimo njengoba sekutholakale izidumbu ezintathu emuva kokuqhuma kwemayini njengoba abavukuzi abangu-11 bevaleleke emathunjini omhlaba.
Izikhulu zaseMexico ebezinethemba lokucela usizo kongoti baseChile mayelana nokutakulwa kwabavukuzi abangu-14 abebevaleleke ngaphansi komhlaba emayini yamalahle, kunalokho kudingeke ukuthi bethule izindaba ezingezinhle ezihlotsheni ngesikhathi kutholakala abathathu babavukuzi sebeshonile.
Bathi-ke aya ngokushabalala amathemba okuthi laba abanye abangu-11 bazophuma besaphila.
Lokhu kuqhuma kwenzeke ngoLwesibili.
"Kubukeka kukubi kakhulu," kusho uJavier Lozano nonguNobhala wezabasebenzi. "Iqiniso nje ukuthi mancane kakhulu amathemba."
- Sapa - AP