Kushone 3 kuphahlazeka indiza eCalifornia
2013-02-11 12:01
Los Angeles - Kushone abantu abathathu ngeSonto ngesikhathi ibhanoyi elinophephela emhlane liphahlazeka eningizimu yeCalifornia endaweni esetshenziselwa ukuqopha amafilimu, kubike i-CNN.
Abezindaba bathi le ngozi yenzeke ekuseni ePolsa Rosa Movie Ranch, e-Acton, okuyindawo engama khilomitha angu-48 ukusuka eLos Angeles.
Ibhanoyi iBell 206 Jet Ranger lishayeke phansi kanti okwamanje ayikaziwa imbangela, kusho umbiko.
IFederal Aviation Administration and National Transportation Safety Board iyaphenya ngengozi.
Abantu abathathu abebephakathi bashonile, ngokusho kweziphathimandla zendawo ezicashunywe yi-CNN.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP