Kushone 3 ezikhukhuleni e-Australia

2013-01-28 10:02

Brisbane - Izindiza ezinophephela emhlane zihlenge inqwaba yabantu abebesele dengwane e-Australia ngesikhathi kuhlasela izikhukhula ezishiye kukhalwa, kwashona abantu abathathu kwacekeleka phansi izinkulungwane zezindlu.

Isidumbu sowesilisa sitholakale sintanta emanzini eQueensland, enhlokodolobha iBrisbane kwathi esinye satholakala eGympie, lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sekhehla elishonele eBundaberg.

Kube sekungeniswa esibhedlela owesifazane ozithwele nendodana yakhe, 3, kulandela ukuwelwa yisihlahla ngoMsombuluko ekuseni eBrisbane.

Kuthiwa balimale emakhanda, kanti kumbulwa kwembeswa enganeni.

UNdunankulu waseQueensland uCampbell Newman uthe sibi kakhulu isimo eBundaberg, nalapho kuhlala khona abantu ababalelwa ku-50 000.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...