Kushone 3 engozini yesitimela eNdiya
2012-05-31 14:02
New Delhi - Kushone okungenani abantu abathathu kwathi abanye balimala ngesikhathi ingxenye yesitimela iphuma kujantshi edolobheni elisenyakatho neNdiya, i-Uttar Pradesh ngoLwesine, kusho umbiko wabezindaba.
Lesi sitimela besisuka eHowrah ngaseKolkata siya eDehradun, e-Uttarakhand.
Kutholakale izidumbu ezintathu, kusho amaphoyisa agada kojantshi.
Luyaqhubeka uhlelo lokutakula abantu abavaleleke ngaphakathi esitimeleni.
Imbangela yale ngozi ayikaziwa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA