Kushone 29 kuhlaselwa e-Iraq

2013-01-18 12:01

Baghdad - NgoLwesine isibalo sinyukele ku-29 sabashonile nabangu-120 abalimele ezehlakalweni zokuhlasela ezenzeka kwelase-Iraq, kusho izikhulu, kulandela imibhikisho esidonse isonto lonke yokukhombisa ukungahambisani nohulumeni kanye nezinkinga ezikhungethe leliya lizwe.

Izehlakalo zokuhlasela sezenzeke izinsuku ezintathu zilandelana kanti sezidlule nemiphefumulo yabangu-88, kuhlanganisa nelungu leSunni Iraq elibulawe yidelakufa kanye nabanye abangu-33 abashone ngesikhathi kuqhuma amabhomu ezimotweni edolobheni enisenyakatho.

Izwe lase-Iraq likhungethwe yizinkinga zezombusazwe, njengoba noNdunankulu uNuri al-Maliki ebhekene nemibhikisho ephikisana nokubusa kwakhe kanye namazwe amaningi asememezele ukuba kuqunjwe phansi uMbuso wakhe.

Alikho iqembu eseliphumele obala lavuma izenzo zokuhlasela, kodwa amasosha eSunni ajwayele ukuhlasela ngemizamo yokuphazamisa ukusebenza kukahulumeni.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...