Kushone 25 kuhlaselwa e-Aleppo
2012-10-03 14:00
Beirut - Balinganiselwa
ku-25 abantu ababulewe kwathi abangu-75 balimala ngoLwesithathu ngesikhathi
kuqhuma ibhomu maphakathi ne-Aleppo, kubike abomabonakube waseSyria.
Ibhomu
iqhume ngasehhotela i-Aleppo Palace Hotel eSaadallah al-Jabari Square,
okuyilapho okuhlala khona izintatheli zakuleliya lizwe nezakwamanye amazwe,
kusho abezokusakaza.
I-video
ibonisa umonakalo omkhulu owenzeke ehhotela kanye nasezindaweni ezisondelene
nalo.
Isibalo
sabalimele kulindeleke ukuba sinyuke njengoba besabaningi abantu abasavaleleke
ngaphakathi bencinywe yizitini.
I-video
iphinde ibonise izidumbu zabantu ababili abagqoke izingubo zamasosha befake
namabhande aneziqhumane okhalo.
"Lezi
yizidumbu zabashokobezi, abebegqokise okwamasosha aseSyria, bebezama ukungena
ngaphakathi ebhilidini eliseceleni nehhotela ukuze baziqhumise khona, babonwe
amasosha abadubula,” kusho intatheli esakazela umabonakude.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA