Kushone 25 engozini eNdiya
2013-01-10 13:01
New Delhi - Abantu abangu-25 kuhlanganisa abesifazane nezingane bashonile ngoLwesine ngesikhathi iloli ebeligcwele ngokweqile lithwele abasebenzi, lingingqika empumalanga nezwe eNdiya.
Bangaphezulu kuka-40 abasebenzi ebebesiza ukuvuna, bebehamba ngemoto ngesikhathi kwehla ingozi.
"Uphenyo lokuqala kuveza ukuthi ingozi idalwe yinkungu," kusho uDaljeet Singh wamaphoyisa ase-Aurangabad, lapho okwenzeke khona ingozi.
Babalelwa ku-110,000 abantu abashone ezingozini zomgwaqo ngo-2011 eNdiya, okuyisibalo esingaphezulu kuka-300 ngelanga.
Ngokusho kweNational Crime Records Bureau. Imigwaqo engekho sesimeni esihle, ijubane eliphezuli kanye nokushayela budedengu ezinye zezinto ezenza lesi sibalo sibe phezulu kangaka
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).