Kushone 22 kweqiwa ejele eMexico
2012-12-20 07:30
Mexico City - Izikhulu zaseMexico zithi kushone abantu abangu-22 ngesikhathi kuneziboshwa ezizama ukweqa ejele edolobheni iDurango nokuqubule impi yezulu lezandla.
Kushone ojele abayisishiyagalolunye neziboshwa ezingu-13 kulesi sigameko esenzeke eGomez Palacio ngoLwesibili, kusho uFernando Rivas, nokhulumela amaphoyisa aseDurango.
“Lingase linyuke inani labashonile njengoba kukhona okubonwa ngokusa kubo," esho.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters