Kushone 20 engozini yemayini eChina

2012-09-25 10:01
Yabelani Shicilela

Beijing - Isehlakalo esenzeke emayini yamalahle enyakatho neChina ngoLwesibili sishiye kufe abantu abangu-20 kwalimala abangu-14, kusho abezindaba kuleliya lizwe, esehlakalweni sakamuva kule mboni.

Isithuthi esihambisa abasebenzi emayini esifundazweni iGansu, siphose abavukuzi abangu-34 emgodini, kubike iXinhua News Agency.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela, kuhlanganisa nabathathu abebelimele kakhulu, kusho umbiko.

Isikhulu esengamele ezokuphepha edolobheni iBaiyin, okuyiso esiqaphe imayini iQusheng, sale saphetha ukuphawula ngesikhathi sithintwa ngabe-AFP.

Izwe laseChina yilona zwe elisebenzisa amalahle kunawo wonke emhlabeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Cool. Pta: 6-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...