Kushone 2, kwalimala 60 e-Afghan
2012-11-23 10:00
Kabul - Idelakufa liziqhumise nemoto ebihlohlwe iziqhumane empumalanga ne-Afghanistan, kwashona abantu ababili kwathi ababalelwa ku-60 bathola ukulimala, kusho izikhulu ngoLwesine.
Okhulumela iTaliban uZabiullah Mujahid uthe yibo abahlasele, wathi lokhu kungukuziphindiselela kokuboshwa kwamalungu amane aTaliban.
La madoda atholakala enecala ase agwetshwa ezinkantolo zezwe ngamacala okubalwa kuwo ukubulala, ukudlwengula, ukuphanga nokuhlukumeza izingane.
ITaliban yakugxeka kakhulu lokhu kugwetshwa kwamalungu ayo isigwebo sentambo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP