Kushone 2 kushayisana 140 wezimoto
2012-11-23 07:23
Texas - Kushone abantu ababili kwathi abangaphezu kuka-80 balimala ngesikhathi kushayisana izimoto ezingu-140 emgwaqeni omkhulu eTexas, kusho izikhulu.
“Bekuyingozi enyathisa igazi,” kusho oweJefferson County Sheriff uRod Carroll. “Ezinye izimoto bezigibele phezu kwezinye.”
Le ngozi eyenzeke ngeholidi leThanksgiving yenzeke e-Interstate 10.
UCarroll uthe babalelwa ko-90 abantu abangeniswe ezibhedlela, kanti ababalelwa ku-10 kubona bebesesimweni esibucayi.
Kusolwa inkungu ebikhasa phansi ngale nhlekelele.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP