Kushone 18 engozini yebhasi eBangladesh
2013-02-11 14:02
Dhaka - Kushone okungenani abantu abangu-18 kwathi inqwaba yalimala ngesikhathi ibhasi likhalakathela emfuleni eningizimu mpumalanga neBangladesh, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.
Leli bhasi ebelimumethe abagibeli ababalelwa ku-50 lishelele laphuma emgwaqeni lase liyongena eMatamuhuri River ngaseChakaria, kusho owamaphoyisa uRanjit Kumar Barua.
Izakhamuzi namaphoyisa batakule izidumbu ezingu-16 emfuleni.
Kuhanjiswe abantu abangu-26 esibhedlela, abebelimele, kwathi ababili kwabenela, kusho uBarua.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA