Kushone 17 kuhlaselwa eBaghdad
2013-01-22 16:22
Bangdad - Izehlakalo ezahlukene zokuhlasela ngamabhomu ezenzeke ngoLwesibili, zishiye abantu abangu-17 beshonile eBaghdad, kusho amaphoyisa angathandanga ukudalulwa.
Yize noma bengekho abaphumele obala bavuma umonakalo, izinsolo zithi abahlaseli yiqembu iSunni, elidlelana ne-Al Qaeda.
Ukuhlasela kokuqala kwenzeke ekuseni eMahmoudiya, endaweni eqhele ngo-30 kilometers nenhlokosolobha, bahlanu abantu abashone kulesi sehlakalo kwalimala kambi abanye abangu-15, kusho amaphoyisa.
Kwesinye isehlakalo idelakufa liziqhumise ngebhomu eTaji, kwashona abantu abayisikhombisa kwalimala abanye abangu-26.
Isehlakalo sokugcina senzeke eShula, kuqhume imoto ebipakiwe icushwe ngamabhomu, kwashona abantu abahlanu kwalimala abangu-15.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).