Kushone 17 kuhlaselwa e-Iraq
2013-01-16 12:03
Baghdad - Izehlakalo zokuhlasela eBaghdad zidlule nemiphefumulo yabantu abangu-17 kwalimala abangu-168 ngoLwesithathu, kusho izikhulu zokuphepha nabezempilo.
Ukuhlasela okwenzeke edolobheni iKirkuk lapho kuqhume khona ibhomu ebisemotweni ebicushwe yidelakufa, kudlule nemiphefumulo yabantu abangu-10 kwalimala abangu-140, ngokusho kwesikhulu esiphezulu sezempilo esifundazweni uSadiq Omar Rasul.
Esinye isehlakalo sokuqhuma kwebhomu esenzeke edolobheni iTuz Khurmatu, sidlule nemiphefumulo yababili kwalimala abangu-26 kusho izikhulu, kanti kwezinye izehlakalo ezintathu ezihlukene ezenzeke eBaghdad zishiye kufe abanhlanu.
Alikho iqembu eseliphumele obala ngalesi senzo kodwa amasosha eSunni kuhlanganisa ne-al-Qaeda e-Iraq bajwayele ukuqhuba udlame ngenhloso yokunyakazisa uhulumeni.
Lokhu kuhlasela kwakamuva kwenzeke ngemuva kosuku kubulawe ilungu lePhalamende leSunni entshonalanga yeBaghdad, u-Ayfan al-Essawi kulindeleke ukuba afihlwe ngoLwesithathu eFallujah.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP