Kushone 15 kuhlaselwa e-Iraq
2012-11-14 12:01
Bghdad - Kushone abantu abantu-15 kwalimala abaningi e-Iraq kulandela ukuqhuma kwamabhomu okwenzeke ngosuku olwandulela uLwesithathu ngesikhathi amaSulumane egubha unyaka wawo omusha, kubike abezokuphepha nabezempilo.
Ukuqhuma okwenzeke ngezintatha -- obekuyizimoto ezinhlanu ebezicushwe ngamabhomu eceleni komgwaqo -- kwenzeke eBaghdad nakwamanye amadolobha amathathu, kanti kungase kudale ezinye izinkinga kuleliya lizwe elisanda kubuyisana ngemuva kwempi.
Lokhu kuqhuma kwenzeke eKirkuk, nokuyilapho kushone khona abantu abangu-9 kwalimala abangu-39, okuyisifundazwe esisenyakatho ne-Iraq.
Kwesinye isigameko kushone abantu abahlanu kwalimala abangu-34 ngesikhathi kuqhuma izimoto ezimbili.
Okunye okuqhuma okwenzeke kusona lesi sifundazwe edolobheni iHawijah kushiye abantu abane beshonile kwalimala abahlanu, ngokusho kwezikhulu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP