Kushone 13 engozini yebhasi eVietnam

2011-11-07 09:53

Hanoi - Kushone okungenani abantu abangu-13 ngesikhathi ibhasi lishayisana neloli lagqamuka amalangabi eningizimu neVietnam ngoMsombuluko, kusho imibiko.

Le ngozi yenzeke ngesikhathi iloli, ebelilibhekise eHo Chi Minh City, nebhasi ebelihamba komunye umzila liya esifundazweni iBinh Thuan kushayisana, kusho umbiko wephephandaba iThanh Nien.
 
Umlilo uhaqe ibhasi kwashona abantu abangu-11 ujuqu kwathi abanye ababili bashona ngenxa yokulimala.

Kulesi sigameko kuphinde kwalimala abantu abangu-24.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...