Kushone 11 kuhlaselwa ePalestine
2012-11-15 12:00
Gaza City - Ibhanoyi lakwa-Israeli lidubule labulala abantu abathathu basePalestine ngoLwesine, nosekubeke isibalo sababulewe ku-11 kwalimala cishe abangu-100, selokhu elakwa-Israel liqalise ukulwa namasosha aseGaza, kusho abezempilo.
Owophiko lwamasosha iHamas, i-Ezzedine al-Qassam Brigades, uthe bobathathu laba besilisa ababulewe bebengamalungu abo kanti badubuleke ngesikhathi behamba ngetekisi.
Amasosha akwa-Israel aqalise lolu hlelo ngoLwesithathu, abulala umkhuzi wamasosha ophezulu weHamas.
U-Ahmed Jaabari, ongumkhuzi wamasosha ophiko lweHamas, ubulawe kanye nonogada wakhe, uMohammed al-Hams, ngesikhathi elakwa-Israel lidubula edolobheni laseGaza, kusho umbutho wamaSulumane.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP