Kushone 10 kuhlaselwa eBaghdad

2013-02-08 12:16
Yabelani Shicilela

Baghdad -  Izikhulu zase-Iraq zithi izehlakalo zokuqhuma kwamabhomu elandelana ezenzeke eShiite, eBaghdad zishiye kushone cishe abantu abayishumi kwalimala abangu-35.

Amaphoyisa amabili athi amabhomu abefihlwe ebhokisini aqhume ngoLwesihlanu emakethe esenyakatho nendawo yaseKazimyah.

Ukuqhuma kwesibili, kwenzeke emotweni.

Isikhulu sezempilo sisiqinisekisile isibalo sabalimele. Zonke izikhulu azifunanga ukudalulwa amagama azo ngezizathu zokungabinalo igunya lokukhipha imininingwane.

Njalo NgoLwezihlanu, izinkulungwane zabantu base-Iraq zibuthana emakethe ukuyothenga, zichithe isikhathi khona nemindeni yazo njengoba kusuke kuyimpelasonto yamaSulumane.

Imakethe ijwayele ukuhlaselwa amavukelambuso ngenhloso yokulimaza amantu abaningi.

Nakuba sezehlile izehlakalo zodlame e-Iraq, amavukelambuso asaqhubeka nokuhlasela abezokuphepha namalungu omphakathi nsuku zonke ngemizamo yokufakela uhulumeni weShiite inselelo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...