Kushone 10 kuba nokuqhuma emayini eRussia

2013-02-11 16:15

Moscow - Abavukuzi abayishumi bashonile ngesikhathi kuba nokuqhuma emayini yamalahle edololobheni elisenhla nezwe laseRussia, iVorkuta, kusho umbiko kahulumeni ngoMsombuluko.

Bangu-259 abavukuzi abakade besebenza emathunjini omhlaba, ngesikhathi kwenzeka lokhu kuqhuma, emayini iVorkutinskaya.
 
Abavukuzi abaningi batakuliwe, nokho abayishumi badlula emhlabeni, kusho umbiko.

"Akucacile kahle ngekusasa labantu abayisikhombisa," kusho isitatimende.

Isikhulu sezokuphepha uVladimir Puchkov, kulindeleke ukuthi aziyele emathupha emayini, ngenhloso yokuyohlola isimo, kusho isikhulu kuhulumeni u-Elena Smirnykh.

Imindeni yabashonile izonxeshezelwa ngo-$66 000, umndeni ngamunye, kusho uSmirnykh, etshela abezindaba.

Kube nokulimala kwabatakuli, kwadingeka kuthunyelwe enye indiza ebusuka eMoscow.





 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 9 bephuma ukuyogubha uDiwali

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...