Kushone 10 emayini yaseChina

2011-08-15 11:43

Beijing - Kushone abantu abangu-10 ngesikhathi kuqhuma okuthize emayini yamalahle eningizimu ntshonalanga neChina, nokuyisigameko sakamuva esidlule nemiphefumulo yabantu.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto esifundazweni iGuizhou, kusho isikhulu sendawo esinqabile ukudalulwa igama laso.

"Kube nokuqhuma ngeSonto ntambama. Kushone abantu abangu-10 kwalimala oyedwa," esho.

Izimayini zaseChina -- nezidume ngokungabi nezinsiza zokuphepha ezisezingeni elidingekayo -- zihlaselwe uhide lwezingozi kulezi zinyanga ezedlule.

Ngenyanga edlule, imayini yamalahle yahlaselwa yizikhukhula esifundazweni esifanayo kwashona abantu abangu-23.

Ngonyaka odlule, kwashona abantu abangu-2,433 ezingozini zezimayini eChina.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...