Kushiswe owesifazane omnyama eMelika

2012-10-23 10:29

New Orleans - Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala ulimale kambi ngesikhathi okhelwa ngomlilo, esehlakalweni ekukholakala ukuthi sihlobene nokucwasa ngokwebala esenzeke eLouisiana, eMelika.

Amaphoyisa athi owesifazane ushiswe ngabalisa abathathu ababe sebeqopha umbhalo othi KKK.

Isikhulu samaphoyisa eLouisiana uLieutenant Julie Lewis, uthi amaphoyisa afice uSharmeka Moffitt eshe kakhulu, akakwazanga ukuchaza abahlaseli bakhe.

Uphiko lwe- FBI luphenya icala lokucwasa ngokwebala, uMoffitt usesimweni esethembisayo esibhedlela.

Lona ubhunyelwe ngokuthile wase okhelwa ngomlilo, umbhalo otholakale uqoshwe emotweni yakhe uthi, Ku Klux Klan, okuyiqembu labamhlophe elinenzondo ngabamnyama.
 



 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...