Kushiswe izidakamizwa eBulgaria

2012-11-30 16:47

Sofia - UMnyango obhekele izinto ezingena ngaphakathi ezweni iBulgaria, ushise izidakamizwa ezinesisindo esingu-298 kilogrammes (657 pounds), ezingabiza isamba esingu-20 million euros ($26 million), ngentengo yasemgwaqeni.

Izidakamizwa ezishisiwe zihlanganisa i-heroine engu-124 kilos kanye nensangu eyatholakla amaphoyisa enza uphenyo.

Ugwayi owabanjwa kulindeleke ukuthi nawo ushiswe uma inkantolo isigwebe abasolwa ababanjwa nawo, eminyakeni engu-11 edlule, iBulgaria isishise okungenani amathani angu-29.9, ezidakamizwa ezingena ngokungemthetho.

Leli lizwe kuthiwa lingelinye elihamba phambili ezehlakalweni zokushushumbiswa kwezidakamizwa eMiddle East nase-Europe, maduzane kulindeleke kushiswe ugwayi ongaphezu kuka-2.3 million, owenziwe kulona lelizwe ngokungemthetho.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Mostly sunny. Mild. PE: 10-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...