Kusaqhubeka ukuthungathwa kukaDorner

2013-02-12 07:22

Los Angeles - UChristopher Dorner, nowayeyiphoyisa laseMelika elibalekelana namaphoyisa kusukela ngesonto eledlule, usebekwe icala lokubulala eCalifornia, njengoba izikhulu zithi kungenzeka ukuthi ubalekele eMexico.

Le ndoda, 33, yafaka i-video ehlasimulisa umzimba nalapho yayifunga igomela khona ngokubulala amaphoyisa nemindeni yawo kulandela ukuxoshwa kwayo embuthweni ngo-2008.

Ibekwe icala lokubulala iphoyisa uMichael Crain, 34.

UDorner uphinde wabekwa amanye amacala amathathu okuzama ukubulala, kusho uPaul Zellerbach, nongummeli eRiverside County.

Kukhishwe umehlokaboni ka-$1 million kongase ahlinzeke ngolwazi olungaholela ekuboshweni kukaDorner.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Cool. Pta: 20-31°C a few showers. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C Rain early. Morning clouds. Warm. Bloem: 17-31°C Tstorms late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sprinkles early. Morning clouds. Hot. PE: 16-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...