Kuqubuke umbhikisho ePakistan
2013-01-16 14:03
Pheshawar - Amakhulu abantu ezakhamuzi zasezigodini zasenyakatho-ntshonalanga yePakistan ziyabhikisha ngemuva kokubulawa kwezihlobo zabo ezingu-18 ngesikhathi kugasela amasosha ebusuku, kanti bagxeka abezokuphepha.
Balinganiselwa ku3 000 abantu ababuthanele ezindlini zoMbuso ePeshawar ngoLwesithathu.
Bathe oshayasibhamu abebegqoke ezamasosha bangene emizini yabo kule ndawo ngoLwesibili ebusuku badubula izakhamuzi zashona.
Bagxeka umbutho wamasosha asePakistan ngalokhu kubulala. Kodwa isikhulu seFrontier Constabulary, okuyinhlangano yamavukelambuso ekule ndawo, sithe izakhamuzi zibulawe amasosha.
Lesi sikhulu asifunanga ukudalulwa igama laso ngoba singagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
Lesi sehlakalo senzeke endaweni yaseKhyber Agency okuyilapho amasosha asePakistani elwa khona namavukelambuso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP