Kuphenywa umlandeli ekuthiwa ucwase umdlali

2012-11-27 16:29

London - Amaphoyisa aseqale uphenyo ngezinsolo ezithi umlandeli webhola wenze uphawu oluyinkawu, ezama ukucwasa umdlali weWest Bromwich Albion, uRomelu Lukaku, oshaye igoli ngoMgqibelo ngesikhathi ezakhe zidlala eSunderland.

Izithombe ziveza lo mlandeli ezenza inkawu, ngemuva kokuthi lo mdlali omnyama ngokwebala, eshaya igoli elibe ngelesithathu, ezakhe ziwina ngo 4-0.

Amaphoyisa aseNorthumbria athe: "Siqhuba uphenyo njengoba lolu kuwuphawu lokucwasa ngokwebala."

Lesi sehlakalo senzeka kusaphele isikhathi esiyinyanga kuphela kwamiswa umlandeli weChelsea ekutheni ahambele imidlalo, umlandeli lona wenza uphawu olufanayo elwenza kumdlali weManchester United.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...