Kuphenywa obulale izingane

2012-06-26 12:01

Moscow - Amaphoyisa aseRussia apheka ngemibuzo owesifazane waseMoscow osolwa ngokubulala izingane zakhe ezimbili, ekuthiwa uzijikijele phansi zisuka esitezi sesi-15 ebhilidini.
 
Kuthiwa uGalina Ryabkova uthathe abafana bakhe abaneminyaka emine nesikhombisa ubudala waya nabo esitezi wase efika ebathanqaza.

Isitatimende esikhishwe ngabaphenyi sithi owesifazane uthe ubesekhathele yilezi zingane wase enquma ukuzibulala.

“URyabkova ubefuna ukwehlukanisa nomyeni wakhe, phambilini wake wazama ukuzibulala,” kusho isitatimende.
 
“Ngambona omunye wabafanyana, wayelele ebheke phezulu, esandleni ephethe ithoyizi,” kusho ozibonele ngamehlo.

Kulindeleke lona wesifazane aye kohlolwa ingqondo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...