Kuphenywa ngokuwa kwebhuloho eJapan

2012-12-04 12:37

Tokyo - Amaphoyisa aphenya ngokudilika kwebhuloho elibulale abantu abangu-9, aseshe amahhovisi enkampani eyenza ibhuloho ngenhloso yokubheka ukuthi abukho yini ubufakazi bokuba nobudedengu kwezokuphepha.

Amakhulu kakhonkolo abhidlikile ngeSonto ngaphakathi kweSasago Tunnel  esentshonalanga yeTokyo, awela phezulu kwezimoto ezintathu ebezihamba khona. Le nhlekelele isidale babaningi abafuna kulungiswe ingqalasizinda esindala eJapan.

Leli bhuloho, likhulu kanti lihlanganisa iTokyo nezindawo ezimaphakathi neJapan, lavulwa ngo-1977 ngemuva kwempi yomhlaba.

I-Central Nippon Expressway Co, inkampani ephethwe nguhulumeni, ithi ayinawo amarekhodi akhombisa ukuthi leli bhuloho lake lalungiswa kusukela lakhiwa, kodwa isikhulu senkampani uSatoshi Noguchi uthe like lahlolwa ibhuloho ngoSepthemba kwangatholakala lutho olungahambi kahle.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...