Kuphenywa ngokufa komndeni eGermany
2012-01-27 15:30
Langenfeld - Amaphoyisa aseGermany avule uphenyo ngokufa kwamalungu omndeni owodwa amane ngesikhathi indawo obuhlala kuyona iqubuka umlilo.
Abashonile bekuyizithandani nezingane zazo ezimbili, abebehlala edolobheni iLangenfeld.
"Kunezimpawu ezisolisayo zokuthi lo mlilo kungenzeka ukuthi uqalwe ngumuntu othile," kusho okhulumela amaphoyisa.
Amaphoyisa athe awakazi ukuthi yini kahle kahle ebulale lo mndeni.
-
Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA