Kuphenywa isikole ngokuvela kwe-video yabafundi befequza

2015-04-16 13:31

Moscow – Abaphenyi baseRussia bamatasa baphenya isikole esifundisa umdanso ngemuva kokusabalala kwe-video etshengisa amantombazane asethombile egqoke izingubo ezimfushane edansa efequza.

Kuthiwa le video ifakwe ku-internet kanti sebengaphezu kwezigidi ezinhlanu abantu asebeyibukile.

Le video, esihloko sithi “Winnie-the-Pooh and the bees”, itshengisa amantombazane abalelwa eminyakeni ephakathi kuka-12 no-16 ubudala edansa efequza esikoleni esisenkabeni yeRussia, e-Orenburg.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obedansa efequza nabafundi

Abaphenyi bathi baphenya ngokusabalala kwe-video etshengisa amantombazane “e-twerk-a” egqoke izigqebhe.

Obhekelele izindaba zezingane uPavel Astakhov uchaze lo mdanso “njengonganambitheki nodicilela phansi isithunzi."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...