Kuphahlazeke indiza yombuso eNdiya

2012-10-15 10:00

New Delhi - Ibhanoyi ebelithwele amasosha asemanzini eningizimi yezwe eNdiya, liphahlazekile kwashona abantu abathathu abahlanganisa abashayeli ababili kanye nochwepheshe wezobuhixihixi.

Indiza lena iChetak, ibisuka eMumbai ilibangise eBangalore ngesikhathi yehlelwa yingozi, kuthiwa umshayeli ubesohlelweni lokuyimisa kuze izofakwa amafutha.

"Indiza iphahlazeke izama ukuhlala phansi, bashone bonke ebebephakathi," kusho isikhulu.

Lena yingozi yesibili ehlanganisa amasosha oMbuso, eyenzeke esikhathini esiyizinyanga ezimbili.

Esehlakalweni sokuqala esenzeka ngomhlaka-30 Agasti, izindiza ezimbili zashayisana eGujarat, kwashona abantu abayisishiyagalolunye.


Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa-DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...