Kunyukile ukubulawa kwabakuhulumeni e-Afghan
2013-02-19 12:02
Kabul - Ukuhlaselwa kwabasebenzi bahulumeni wase-Afghan ngamavukelambuso kunyuke ngesibalo esethusayo okungu-700% ngonyaka odlule ngesikhathi lapho isibalo sokubulawa kwamalungu omphakathi sona sehle okokuqala eminyakeni eyisithupha, kusho i-UN ngoLwesibili.
"Iyakhathaza kakhulu eyokubulawa okuqondiswe kwabesifazane abasebenzela uhulumeni okwenziwa amasosha eTaliban,” kusho abe-UN abasebenza e-Afghanistan embikweni wonyaka omayelana nezehlakalo zokuhlaselwa kwamalungu omphakathi.
Bangu-2 754 abantu abashone ngenxa yezinxushunxushu zangonyaka odlule, lesi sibalo sikhombisa ukwehla ngo-12% uma kuqhathaniswa nango-2011, nokubeka isibalo sababulewe eminyakeni eyisithupha eyedlule ku-14 728, kusho umbiko.
"Ngesikhathi isibalo sokubulawa kwamalungu omphakathi sona sehlile ngo-2012, amavukelambuso ayaqhubeka ngakolunye uhlangothi ukuhlasela engenandaba nempilo yomphakathi,” kusho umbiko.
Isibalo sabantu ababulawayo abathathwa ngokuthi ngabalandeli bahulumeni, kuhlanganisa abasebenzi bakhe, abaholi bezenkolo, abaholi bendabuko kanye nabantu abayingxenye yokudala ukuthula sikhuphuke ngo-108% safinyelela ku-1 077.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP