Kunyamalele intatheli eSyria
2013-01-03 09:01
Beirut - Intatheli yaseMelika inyamalele eSyria, kulandela ukuthunjwa kwayo esikhathini esiyinyanga esedlule, kusho umndeni wayo utshela abezindaba.
Lokhu kwenzeka nje kusaphele iminyaka emibili kuphela yadedelwa ngemuva kokuthunjwa ngamasosha kahulumeni waseLibya.
Umndeni kaJames Foley, waseRochester, uthi lona wathunjwa enhla nezwe iSyria, ethathwa ngoshayasibhamu abangaziwa.
UFoley,
39, uvamise ukusebenza ezindaweni ezinobungozi, ekuqhubeka kuzo izimpi eMiddle East,
iseSyria, iseLibya nase-Iraq.
Ngesikhathi esebenza ubeqopha bese edlulisa umsebenzi wakhe kwabe-Agence
France-Press, ukuthunjwa kwakhe kuthiwa kubeka obala igcindezi izintatheli ezisebenza ngaphansi kwayo, eSyria.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24
kuTwitter (@IzindabaNews24).